[Chorus]
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolile ingaphakathi lakho
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolile ingaphakathi lakho
[Verse 1]
Ngaphandle uyibhodw', edlela bonk'abasweleyo
Mina ng'bulawa yindlala
Kwabany'uwumthombo, mthombo
Mina ng'bulawa wukoma
Abawuval'umlomo bebabaz'moya wakho beth' uyingilosi
Kodwa kim' uyis'hogo
Malini lothando lwakho ngivele ngil'khokhele?
Ngoba ng'yabona ukung'thand' itoho
[Chorus]
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolile ingaphakathi lakho
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolile ingaphakathi lakho
[Verse 2]
Kungani, ung'fihlel' uthando lwakho? Ngcel' uluveze
Ng'the ingabe kungani, ung'fihlel' imizwa yakho? Ngcel' uyiveze
Uhamb' uhlakula amasimu amanye amadoda eyakho igcwel' ukhula
Iyanetha indlu yegagu
Uhamb' ufulela eminye imizi yamanye amadoda ubhidlika owakho
Iyanеtha indlu yegagu
[Chorus]
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolilе ingaphakathi lakho
Luhle ngani uthando lwakho kimi?
Mangingayazi imfudumalo yalo
Muhle ngani umzimba wakho kimi?
Uma lingcolile ingaphakathi lakho